Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Chronicles 9

:
Zulu - 2020
1 Kwathi indlovukazi yaseShebha seyizwile ngodumo lukaSolomoni, yasuka yaya eJerusalema ukuba iyovivinya uSolomoni ngezimfumbe. Yayinehele elikhulu kakhulu, amakameli ayethwele amakha, igolide eliningi, namatshe ayigugu. Yafika kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.
2 USolomoni wayiphendula kukho konke eyambuza khona, akukho lutho olufihlakeleyo uSolomoni angakwazanga ukuyichachisela khona.
3 Indlovukazi yaseShebha isibonile ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayeyakhile,
4 ukudla okusetafuleni lakhe, indlela izinceku zakhe ezazihlala ngayo, nezazima ngayo, izembatho zazo, abaphathizitsha nezembatho zabo, negumbi lakhe eliphezulu endlini kaSimakade, ayibange isaba nalutho olunye engalusho.
5 Yathi enkosini: “Konke engikuzwe ngawe ezweni lakithi kuliqiniso, mayelana namazwi akho nangokuhlakanipha kwakho.
6 Kepha angikholwanga ngamazwi abo, ngaze ngafika, ngazibonela ngamehlo ami; angitshelwanga ngisho ingxenye yobukhulu bokuhlakanipha kwakho.
7 Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezihlala zimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.
8 Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwaba kuhle kuye ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi, ube yinkosi kuSimakade uNkulunkulu wakho. Ngokuba uNkulunkulu wakho uyamthanda u-Israyeli futhi uyathanda ukummisa kuze kube phakade, yingakho ekubeke waba yinkosi phezu kwakhe, ukuba wenze ubulungiswa nokulunga.”
9 Indlovukazi yaseShebha yanika inkosi amathalenta egolide ayi-120, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akukho omunye owake wanika inkosi uSolomoni amakha amaningi njengalawo awaphiwa yindlovukazi yaseShebha.
10 Izinceku zikaHuramu nezinceku zikaSolomoni ezabuya negolide e-Ofiri, zaletha imi-alimugi namatshe ayigugu.
11 Inkosi yakha izikhwelo zendlu kaSimakade nezesigodlo ngemi-alimugi, yakha amahabhu, nezingubhu zabahlabeleli okungakaze kubonwe okunjengakho phambilini kwaJuda.
12 Inkosi uSolomoni yanika indlovukazi yaseShebha konke ekufunayo neyakucelayo, ngaphandle kwalokho eyayikulethe enkosini. Yasuka yabuyela ezweni layo nezinceku zayo.
13 Isisindo segolide elalilethwa kuSolomoni minyaka yonke lalingamathalenta angama-666 egolide,
14 ngaphandle kwalelo elalifika nabahwebi nabathengisi, nawo wonke amakhosi ase-Arabhiya, nababusi bezwe ababeletha igolide nesiliva kuSolomoni.
15 Inkosi uSolomoni yenza izihlangu zegolide elicangcathiweyo ezingama-200, isihlangu ngasinye singamashekeli egolide elicangcathiweyo angama-600.
16 Yakhanda futhi nezihlangu zegolide elicangcathiweyo ezingama-300; isihlangu ngasinye singamashekeli egolide elicangcathiweyo angama-300; inkosi yazibeka eNdlini Yehlathi eLebhanoni.
17 Inkosi yenza isihlalo sobukhosi esikhulu ngezimpondo zendlovu, yasicaka ngegolide elicwengekileyo.
18 Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, sinesenabelo segolide esasinamatheliswe esihlalweni sobukhosi, nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili eceleni kwemikhono.
19 Kwakumi izingonyama ezili-12 ngalapha nangalapha kwezikhwelo eziyisithupha. Akukho okunjengalokhu okwake kwenziwa kweminye imibuso.
20 Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha ezaziseHlathini eLebhanoni zaziyigolide elicwengekileyo; isiliva lalingento etheni emihleni kaSolomoni.
21 Inkosi uSolomoni yathumela imikhumbi yayo eTharishishi kanye nezinceku zikaHuramu. Kwakuthi kanye emuva kweminyaka emithathu, ifike imikhumbi yaseTharishishi ithwele igolide, isiliva, izimpondo zendlovu, izimfene, namapigogo.
22 Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.
23 Wonke amakhosi omhlaba ayefuna ukumbona uSolomoni ubuso nobuso, ukuzwa ngokuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu ayekubeke enhliziyweni kaSolomoni.
24 Yileyo naleyo yayimlethela isipho: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi neminyuzi, ekwenza lokhu iminyaka ngeminyaka.
25 USolomoni wayenamabhanqa ayizi-4 000 amahhashi nezinqola, abamahhashi abayizi-12 000, wababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.
26 Wabusa phezu kwawo wonke amakhosi, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni waseGibhithe.
27 Inkosi yenza ukuba isiliva lixhaphake njengamatshe eJerusalema, nemisedari yayenza yaba miningi njengemithombe ehlanzeni.
28 USolomoni bamlethela amahhashi evela eGibhithe nasemazweni onke.
29 Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezakuqala nezakamuva, azilotshiwe yini ezindabeni zikaNathani umphrofethi, nasesiphrofethweni sika-Ahaya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobhowamu indodana kaNebhathi na?
30 USolomoni wabusa eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke iminyaka engama-40.
31 USolomoni wayesekhothama, bamngcwaba kokhokho bakhe, emzini kaDavide uyise. URehobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.